UVusi Shongwe we-MK Party uthi abahlali baseNewcastle abanayo iMeya
E-Newcastle, KwaZulu-Natal – Ilungu le-MK Party, uVusi Shongwe, selikhulume ngokukhathazeka ngesimo sokuphathwa kwe Newcastle, lathi abahlali balendawo basala ngaphandle kokuholwa ngendlela efanele.
UShongwe uthi ngokubona kwakhe, “abantu baseNewcastle abanayo iMeya,” okusho ukuthi akukho buholi obubonakalayo obuphatha izidingo zomphakathi ngendlela efanele.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uvuke uzithintithe ngesikhathi sokhetho, wathi sekuyisikhathi sokuthi abantu bazikhethele ubuholi obuzobamela kahle.
“Sekuyisikhathi sokuba abantu baseNewcastle bavuke bazithintithe uma kuyovotwa. Kucacile ukuthi kudlalwa ngabantu, akukho meya kule ndawo,” kusho uShongwe.
UShongwe uqhubeke wathi imali esetshenziswa ngendlela engacacile kule ndawo ingasetshenziswa kangcono ukudala amathuba emisebenzi kubantu bendawo.
“Le mali okudlalwa ngayo eNewcastle, singayisebenzisa ukwakha imisebenzi ukuze abantu basebenze,kusho yena.
Le nkulumo iza ngesikhathi izakhamizi zikhala ngezinkinga zokuntuleka kwemisebenzi, ukungasebenzi kahle kwezinsiza zikamasipala, kanye nokunganeliseki ngobuholi bendawo.


