15 Apr 2026, Wed

Ubulawe ngabangani owesilisa okutholwe isidumbu sakhe emfuleni  eJozini

Ubulawe ngabangani owesilisa okutholwe isidumbu sakhe emfuleni  eJozini

Kutholwe isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-25 ubudala sintanta emfuleni waseMzinyeni, kuWard 10 eJozini enyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal, kuthiwa ubulawe ngabangani.

Ngokuthola kolwazi, umufi nguBheki Khanyile. Kubikwa ukuthi ubulawe ngabantu abebengabangani bakhe, kulandela ingxabano eqale ngesikhathi kunomkhehlo emzini wakwaMlambo kule ndawo.

Omunye wabasolwa, ongowakwaMahlaba, ubanjwe ngumphakathi. Kuthiwa nguyena ovumile wabeka obala okwenzekile waze wakhomba nendawo lapho kutholakale khona isidumbu.

Abanye abasolwa ababili, okuthiwa bangowakwaMthembu nowakwaNgwenya, basabalekile kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokubafuna.

Kusazocaciswa imbangela yangempela yengxabano eholele ekubulaweni kwale nsizwa. Umsolwa oboshiwe kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi olungasiza ekubanjweni kwababalekile ukuthi axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *