Kubulawe umama nendodana yakhe eMpangeni
Kusadida futhi sishiya imibuzo eminingi isigameko esibuhlungu sokubulawa kuka Thuli Ndlovu kanye nendodana yakhe eneminyaka engu-12, esenzeke endaweni yaseSigisi, eMpangeni (KwaZulu-Natal) ngoLwesine ebusuku ngesonto eledlule.

Kubikwa ukuthi bobabili babulawe ngokugwazwa kanzima, kanti izidumbu zabo zitholakale ngaphakathi endlini yabo. Umfana utholwe eduze komnyango egcwele igazi, enamanxeba okukhombisa ukuthi ubelwa kanzima, kanti umama utholakale ngaphansi kombhede naye egwaziwe.
Ngokusho komyeni kamufi, uMnu Khumalo, uthi wafika ekhaya cishe ngo-6 ntambama wafica kumnyama, wathi ngesikhathi ekhanyisa wabona umuntu ocashayo egqoke ijazi lakhe ephethe neLaptop yakhe. Uthi wazama ukumubamba kodwa wabaleka, walishiya phansi ijazi kanye neLaptop.

Uthi emva kwalokho wangena endlini lapho ahlangana khona nesidumbu sendodana yakhe, kwase kuba ukuthi kuyabizwa omakhelwane nomndeni. Umama kuthiwa watholakala kamuva ngaphansi kombhede eseshonile.
Nokho, le ndaba isidale ukudideka njengoba kukhona ukungafani kwezitatimende. Ekuqaleni, kubikwa ukuthi uMnu Khumalo wathi izigebengu zangenela umuzi zabulala umkakhe nendodana yakhe yena esacashile. Kodwa incazelo yakhe yakamuva iye yehluka, okwenze umndeni ungagculiseki.
Kunamahlebezi aphuma emphakathini athi kungenzeka kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwabashadile, kanti abanye basola ukuthi kungase kube khona okufihlekile ngalokhu kubulawa. Nokho, lezi zinsolo azikaqinisekiswa.
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale iqiniso ngalokhu okwenzekile.
Kuthiwa umngcwabo kamama nendodana yakhe uzoba ngoLwesine ozayo, kanti amalungiselelo enziwa nguyena uMnu Khumalo.
Lesi sigameko sishiye umphakathi uthuthumele futhi ufuna iqiniso nobulungisa. 💔

