Kutholakale izidumbu zabesilisa ababili abebelahlekile eGqeberha
Izindaba ezibuhlungu ziphume eGqeberha eMpuma Koloni, lapho kutholakale khona izidumbu zabafana ababili abebebikwe njengabalahlekile.
Amaphoyisa aseGqeberha aseqale uphenyo futhi afuna abasolwa abathintekayo ekudutshulweni kwabo. Abashonile ngu Sandile Ngoqo (22) waseSunridge Park no Mazizi Ntshibilili (19) waseGreenshields Park.

Kubikwa ukuthi mhla zingu-16 kuMbasa 2026, uSandile wahamba wayolanda umngani wakhe uMazizi, behlose ukuya eSummerstrand ngemoto kaSandile, yphlobo lweVolkswagen Caddy. Kodwa-ke, imibiko ithi bagcine sebeya endaweni yobumnandi eMotherwell.
Izidumbu zabo zitholakale mhla zingu-17 kuMbasa. Kuqale kwatholakala esikaMazizi eMotherwell enenxeba lokudutshulwa ekhanda. Kamuva kwatholakala esikaSandile eduze komfula iSwartkops, enenxeba lokudutshulwa entanyeni.
Imoto abebehamba ngayo itholakale eNU8 eMotherwell.
Amaphoyisa aqhubeka nophenyo futhi acela noma ubani onolwazi ngaleli cala ukuthi aphuthume abikele iziphathimandla ukuze kusizakale ekutholeni abasolwa.
Lesi sigameko sishiye umphakathi uthuthumele futhi ukhathazekile ngokuphepha, njengoba ubugebengu obunodlame buqhubeka nokwanda.
Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani balaba besilisa 💔

