“UMZIMBA WAMI USUKHATHELE” – Owesifazane ukhala ngokucindezelwa ucansi emshadweni wakhe.
Owesifazane usephumele obala ngezinkinga abhekene nazo emshadweni wakhe, lapho ethi umyeni wakhe ufuna ucansi njalo ngaphandle kokumnika ithuba lokuphumula noma ukulalela imizwa yakhe.
Ekhuluma ngokudabukisayo, uthi impilo yakhe isiphenduke umthwalo ngenxa yalokhu.
“Umyeni wami ufuna ucansi ngaso sonke isikhathi. Akanandaba ukuthi kusekuseni, emini noma ebusuku. Ngisho noma ngisesikhathini, usafuna silwenze. Angisatholi ithuba lokuphumula,” kusho yena.

Uqhuba athi kwesinye isikhathi baphoqeleka ukwenza ucansi ngisho nasemotweni uma behamba, ngoba lokho kuwukuphela kwento ebalulekile kumyeni wakhe.
“Ngiyamthanda umyeni wami kodwa lokhu sekungidlulele. Umzimba wami usukhathele, nengqondo yami nayo ayisekho kahle. Ngizizwa ngingasenalo ilungelo lokuthi ngithi ‘cha’,”kuchaza yena.
Uthi isikhathi sokuphumula kuphela asitholayo yilapho umyeni wakhe esemsebenzini, kodwa nalapho uhlala enovalo lokuthi uzobuya esafuna into efanayo.
Umbuzo uthi: Ingabe abantu bayakuqonda ukubaluleka kwemvume nokuhlonipha umlingani emshadweni?
#IzindabazeSambane #IsambaneNews


