“NGIYAZINYANYA IZINGANE ZAKHE… NGIZIZWA NGINGABALULEKILE KWI-RELATIONSHIP YETHU”
Owesifazane useveze imizwa yakhe enzima mayelana nempilo ayiphila nomyeni wakhe, ethi ubhekene nobuhlungu obukhulu ngenxa yezingane zomyeni wakhe.
Uthi uhlala nowesilisa amthola esenabantwana ababili okuyintombazane eneminyaka engu-13 kanye nomfana oneminyaka engu-9 kanti yena akakabi neyakhe ingane nomyeni wakhe. Uthi sebeyiminyaka emihlanu bethandana futhi bezama ukuba nengane yabo, kodwa abakakabusiswa ngomtwana.
“Into engibuhlungu kakhulu ukuthi umyeni wami uhlala egxile ezinganeni zakhe. Ngihlala ngizizwa sengathi angibalulekile kuye,” kusho yena.
Uthi lokhu kumenze wafinyelela ezingeni lokucasuka okukhulu, lapho ezithola esezonda lezi zingane…”uyazi ukuthandana nomuntu onezingane wena ungenazo ey udoti omubi kabi”, kusho yena.
“Ngiyavuma, sengifinyelele lapho ngizizwa ngingazithandi nhlobo lezi zingane… kodwa ngiyesaba le micabango ngoba angifuni ukwenza into embi,” kuchaza yena.
Okumcasulayo kakhulu, uthi lezi zingane azisizi ngalutho ekhaya futhi azikhombisi ukuzimisela ekwenzeni imisebenzi yasekhaya,amavila nje ‘spoiled’ okuyinto eyenza nginyanye.
“Ngizwa sengathi ngicindezelekile… ngifisa sengathi izinto zingashintsha noma lezi zingane zingahamba, kodwa futhi ngiyazi ukuthi akulungile ukucabanga kanjalo,” kusho yena.
Uthi ubuhlungu obukhulu buvela ekutheni yena nomyeni wakhe abanangane yabo, kodwa umyeni wakhe ubeka phambili izingane zakhe, okwenza azizwe eshiywe ngaphandle.
Umbuzo uthi: Kungenziwa kanjani ukuthi kube nokulingana nothando emshadweni lapho kunezingane ongazizali?
#IzindabazeSambane #IsambaneNews

