1 Jun 2026, Mon

Waqala wasongelwa umufi ngaphambi kokugwazwa abulawe ngomunye wesifazane 

Waqala wasongelwa umufi ngaphambi kokugwazwa abulawe ngomunye wesifazane

KUSAQHUBEKA IMIBUZO NGOKUBULAWA KUKASMANGELE MKHIZE E-HANIVILLE

Ngemuva kokubulawa kukaSmangele Mkhize waseHaniville, ePietermaritzburg, izolo, sekuphume imibiko ethi ngaphambi kwesigameko kukhona owesifazane okusolwa ukuthi wake wasongela umufi ngokuthi uzomfundisa isifundo.

Ngokwemibiko esiyitholile, sekudlule amahora ambalwa ngemuva kwalezi zinsolo zokusongelwa kwabe sekutholakala uSmangele eseshonile enamanxeba okugwazwa.

Kuphinde kube nezinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ezithi owesifazane osolwa kuleli cala wake wavela kolunye udaba olwake lwadonsa amehlo abantu ezinkundleni zokuxhumana. Nokho, asikakwazi ukuqinisekisa imininingwane yalolo daba noma ukuthi lwagcina luphetheke kanjani.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo futhi akukaboshwa muntu ngokusemthethweni mayelana naleli cala.

Uma kukhona abantu basePietermaritzburg abanolwazi oluqinisekisiwe mayelana nalolu daba noma olunye udaba olwake lwaba sematheni olukhulunywa ngalo, bayakhuthazwa ukuthi balwabele amaphoyisa noma balwethule ngezindlela ezifanele ukuze lusize uphenyo.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *