UMNINIMUZI UDUBULE NGESIBHAMU ELANDELA UMQASHI NGENXA YERENTI ESELE
OwaseZimbabwe udubule isiqashi sakhe saseNingizimu Afrika ngenxa yemali ye-rent abeyikweleta eWaterloo.
Kusolakala ukuthi owesilisa ongowokudabuka eZimbabwe udubule ngesibhamu ngesikhathi elandela umqashi wakhe waseNingizimu Afrika ngenxa yerenti ebingakhokhiwe eWaterloo, KwaZulu-Natal, ngeSonto ntambama.
Ngokwemibiko, amalungu omndeni womqashi axhumane neReaction Unit South Africa (RUSA) ngemuva kokubona umninimuzi ejaha lo wesilisa emagcekeni omuzi. Kuthiwa ngemuva kwesikhashana bezwa kuqhuma isibhamu base becela usizo ngokushesha.

Amaphoyisa eRUSA afike endaweni yesigameko athola umqashi engalimalanga. Lo wesilisa uveze ukuthi usanda kulahlekelwa umsebenzi wakhe esikhungweni sezingcingo (call centre), okwenze wangakwazi ukukhokha irenti ebingu-R3 500.
Ngokusho kwakhe, umninimuzi ubemfunele imali yerenti ebisasele, wabe esemjaha futhi kusolwa ukuthi wadubula isibhamu eqonde kuye.
Kubikwa ukuthi igobolondo lesibhamu elisetshenzisiwe lasuswa endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi umninimuzi abaleke. Kuthiwa ubengasekho ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo.
Umqashi uthe kulindeleke ukuthi aqale umsebenzi omusha ngoMsombuluko futhi uhlose ukukhokha imali yerenti esasele uma esethole umholo wakhe wokuqala.
Lolu daba luyaphenywa.


