7 Jun 2026, Sun

Kushone intombazane yesikole ngemva kokukhethwa eqenjini le-Netball lesifundazwe

Kushone intombazane yesikole ngemva kokukhethwa eqenjini le-Netball lesifundazwe.

Kudlulise umoya wokudabuka emphakathini wase Mpumalanga kulandela ukushona kuka Promise Sithole, umfundi kanye nomdlali we-netball obebuye abe ngumholi wesikole (Student President) e Hoërskool Patriot.

UPromise Sithole ubikwe ukuthi ushone ngoLwesithathu, mhla zingu-3 kuJuni 2026, izinsuku ezimbalwa nje ngemuva kokwenza kahle kakhulu ezivivinyweni ezimholele ekukhethweni eqenjini le-Under-19 leMpumalanga Nkangala netball.

Ukukhethwa kwakhe kubhekwe njengempumelelo enkulu, ekhombisa ukuthi ubeyisihlabani esisakhulayo kwezemidlalo esifundazweni.

Isikole nomphakathi bamchaze njengentombazane ebinenhliziyo enhle, enothando, enomusa, futhi ebihola ngokuzithoba. Kuthiwa ubaziwa ngokumamatheka kwakhe, ukuhleka kwakhe, kanye nokukhuthaza abanye abafundi.

Ukudlula kwakhe emhlabeni kushiye umndeni, othisha, ozakwabo nabadlali be-netball beMpumalanga besesimweni esinzima sokudabuka okukhulu.

Kudluliswa amazwi enduduzo emndenini wakwa Sithole, esikoleni kanye nawo wonke umphakathi othintekayo. 🕊️

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *