7 Jun 2026, Sun

Lizothathelwa izinyathelo iphoyisa lesifazane elithathe imali ye-bribe engu-R2000 kumshayeli

Lizothathelwa izinyathelo iphoyisa lesifazane elithathe imali ye-bribe engu-R2000 kumshayeli

Sekuvulwe uphenyo lwangaphakathi emaphoyiseni kulandela ukusabalala kwevidiyo ekhombisa iphoyisa elisolwa ngokuthatha imali engu-R2,000 kumshayeli ongumlungu emgwaqeni ngesikhathi sokuhlolwa kwezimoto (roadblock).

Kule vidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana okusolwa, kubonakala lo msebenzi wamaphoyisa ephakathi nengxabano nomshayeli, kwabe sekuba khona inkokhelo engemthetho.

Ngemuva kokusabalala kwalolu daba, abaphathi bamaphoyisa eGauteng bathi bakwazile ukulikhomba leli phoyisa ngokushesha, base beqala izinqubo zokuqondisa ubugwegwe ngokushesha.

Screenshot

Kuthiwa uphenyo lwangaphakathi luzobheka ngokugcwele ukuthi ngabe iphoyisa leli liyiphulile yini imigomo yomsebenzi kanye nomthetho, kanti uma kutholakala ukuthi linecala lingabhekana nezinyathelo ezinzima, ezibandakanya nokuxoshwa emsebenzini.

Okwamanje uphenyo luyaqhubeka, awubuke ividiyo yesigameko.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *