7 Jun 2026, Sun

I-EFF eMpumalanga yamukele amalungu amasha abaphezu kuka-600 asuka kwi-ANC

#IZINDABAZESAMBANE: I-EFF EMPUMALANGA YAMUKELE AMALUNGU AMASHA ABANGAPHEZU KUKA-600 ASUKA KWI-ANC.

I Economic Freedom Fighters eMpumalanga ithi yamukele amalungu angaphezu kuka-600 asuke ku African National Congress ajoyina leli qembu ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026.

Ngokwesitatimende esabiwe ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo, uSihlalo wesifundazwe u Collen Sedibe ubehola umcimbi wokwamukela la malungu amasha, obubandakanya nabaholi be-EFF esifundazweni.

I-EFF ithi lesi sinyathelo siyingxenye yomkhankaso wayo wokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluhlelelwe umhlaka-4 Novemba 2026, lapho iqembu lifuna ukukhulisa amandla alo ezindaweni ezahlukene.

Iqembu liphinde lakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukuvota, ligcizelela ukubaluleka kokubamba iqhaza kwezepolitiki ezweni.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #eff #mpumalanga #anc

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *