Akasekho emhlabeni owesifazane waKwa-Q eMlazi obedukile
Akasekho emhlabeni uSamkelisiwe Cwele esike sabika ngaye ukuthi utholakale esibhedlela namhlanje ekuseni ngemva kokufunwa isonto lonke.
USamkelisiwe, ongowokuzalwa eHarding kodwa obeqashe eMlazi kwa-Q, wayegcine ukubonakala ngoLwesihlanu oludlule ephuma emsebenzini endaweni yokucwala izinwele edolobheni eThekwini.
Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe udadewabo omncane, u-Amahle engxoxweni abe nayo noMlazi Online khona manje ntambama.

“Into eyenzekile ukuthi kukhona ubhuti ositshele ukuthi uSamkelisiwe washayiswa yimoto kwa-V ngoLwesihlanu. Wathi babekade begibele naye besuka edrobheni base behla kwa-V lapho ababezoxhuma khona,” kulandisa u-Amahle.
“Uthe lo bhuti bathi besamile kwaqhamuka amaphara ababamba inkunzi kanti uSamkelisiwe uzobaleka aphoseke emotweni eyayigima yamshayisa walimala kanzima.”
“Lo bhuthi uthena-ke umshayeli wemoto wama, wabathatha wabahambisa eMshiyeni. Wangena ngoLwesihlanu uSamkelisiwe waze washona ngoLwesithathu.”
U-Amahle uthi enkulumweni ababe nayo namhlanje ekuseni nalo bhuti owayehamba noSamkelisiwe, lo mlisa ubaqinisekisile ukuba uyaphila uSamkelisiwe wathi bazomthola eMshiyeni.
“Nangempela-ke sazise nina ekuseni ukuthi uSamkelisiwe usetholakele futhi uyaphila. Sibe sesitshela nobaba balapha ekhaya abangalapho eThekwini ukuthi abayombheka eMshiyeni kanti bazofika kuthiwe kade azishonela umntakaMa,” usho kanje.
“Asimsoli kodwa lo bhuti ngokuthi athi kithina uyaphila uSamkelisiwe ebe azi ukuthi akasekho. Kusho ukuthi usabile ukusitshela lezi zindaba ezibuhlungu. Asimbeki cala bandla,” kuphetha u-Amahle.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1BD2enQTFS/

