Akuvunyelwe ukuthinta noma ukusondela eduze kwesidumbu soshone nge-Ebola
Uhulumeni waseDemocratic Republic of Congo (DRC) uqinise imithetho yokuphathwa kwezidumbu zabantu abashone ngenxa ye-Ebola, egcizelela ukuthi akukho muntu ovunyelwe ukuthinta noma ukusondela eduze kwesidumbu ngaphandle kwabantu abaqeqeshiwe.
Ngokusho kweziphathimandla zezempilo, izidumbu zabantu abashone ngenxa ye-Ebola zisakwazi ukutheleleka kakhulu, yingakho kusetshenziswa amaqembu akhethekile angcwaba lezi zidumbu egqoke izingubo zokuzivikela ezigcwele (PPE) ukuze kuvinjelwe ukusabalala kwegciwane.

Le ndlela yokungcwaba ihlanganisa ukuvala isidumbu ngokushesha, ukusihambisa ngendlela ephephile, nokusigqiba ngaphandle kokuba umndeni usisondele.
Nokho, le mithetho idale ukungqubuzana phakathi kukahulumeni neminye imindeni emiphakathini, lapho abantu begcizelela amasiko abo okugcina abafileyo. Abanye baphikisa ngokuthi kufanele bavunyelwe ukugeza, ukugqokisa nokwenza amasiko okugcina isihlobo sabo ngendlela yesintu.
Kubikwa ukuthi ngesonto eledlule, kwaba nesigameko lapho umndeni othile uxoshe abasebenzi bakahulumeni abebephethe ukungcwaba isidumbu, base beqhubeka nokusiphatha ngokwamasiko abo. Kuthiwa lesi senzo sidale ukukhathazeka okukhulu kwezempilo ngoba kusolwa ukuthi singase sandise ukutheleleka kwabanye abantu.

Ochwepheshe bezempilo baxwayisa ngokuthi ukungalandeli le mithetho kungaholela ekusabalaleni kwesifo ngokushesha, ikakhulukazi ezindaweni ezinomkhawulo wezinsiza.
Umbuzo osukhona emphakathini uthi: Uma i-Ebola ingafika eNingizimu Afrika, abantu bangakwazi yini ukwamukela ukuthi isidumbu siphathwe ochwepheshe kanti bona babukele kude ukuze bavikele ukuphila kwabanye?
Abaphathi bezempilo bagcizelela ukuthi ukuvikelwa kwempilo yomphakathi kubaluleke kakhulu kunamasiko ngesikhathi sezifo eziwubhubhane.

