Kusafunwa Isoka Elisolwa Ngokugwaza Libulale Intombi Yalo ESoshanguve
Amaphoyisa asesemkhankasweni wokufuna owesilisa osolwa ngokugwaza abulale intombi yakhe eSoshanguve Block F East, enyakatho yePitoli, eGauteng.
Ngokwemibiko, le ntokazi yabulawa ngoLwesine, mhla zingu-9 kuNtulikazi 2026. Isidumbu sayo satholwa ngosuku olulandelayo, ngoLwesihlanu mhla zingu-10 kuNtulikazi, ngaphakathi ekamelweni silele echibini legazi.
Umndeni kamufi uthi lelo kamelo beliqashwe owesilisa okuthiwa uGermany Sedupelele, okusolwa ukuthi nguyena owenze lesi sigameko ngaphambi kokubaleka. Umndeni usunxuse umphakathi ukuthi usize ngolwazi olungaholela ekutholakaleni kwakhe, kanti nesithombe sakhe sesisabalaliswe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Lesi sigameko siphinde savusa ukukhathazeka ngodlame olubhekiswe kwabesifazane, njengoba abaningi beqhubeka nokunxenxa ukuthi kwenziwe ubulungiswa futhi obhekene naleli cala abhekane nengalo yomthetho.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #murder

