Kuhlukene Kakhulu Imibono Ezinkundleni Zokuxhumana Ngenkulumo KaDJ Tira
Kuhlukene kakhulu imibono ezinkundleni zokuxhumana kulandela inkulumo kaDJ Tira lapho ethe: “As long as you are Black, you own Africa. You are not a visitor.” (Uma nje ungumuntu omnyama, i-Afrika ingeyakho. Awusona isivakashi.)
Le nkulumo isabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, lapho abaningi beqhubeke khona nokuyihlaziya nokwabelana ngemibono yabo.

Abanye bathi bavumelana nalokho okushiwo uDJ Tira, bethi amazwi akhe akhuthaza ubumbano phakathi kwabantu base-Afrika futhi agcizelela ukuthi abantu base-Afrika kufanele bazizwe besekhaya noma kuphi nezwe.
Nokho, abanye abazange bavumelane nayo, bethi le nkulumo kaTira ayibheki izinselelo ezikhona eziphathelene nobuzwe, ukugcwala kwabokufika ngokungemthetho eNingizimu Afrika kanye nemithetho yokufuduka phakathi kwamazwe ase-Afrika.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #djtira

