Kuhlukene Imibono Ngezinsolo Ezithinta UTshatha Nomunye Owesifazane
Kuhlukene imibono ezinkundleni zokuxhumana kulandela izinsolo zokuthi kunowesifazane okusolwa ukuthi uthandana noTshatha, yize kubikwa ukuthi uNgobe ushadile.
Lolu daba ludale umsindo omkhulu, ikakhulukazi emakhasini eLadies House, lapho abanye besifazane bezwakalise ukudumala nokugxeka lesi simo.
Omunye wesifazane ubhale wathi:
“Sikuphi futhi lana July, ungubani nah, uyophela kodwa? 😦😦 Liyahlupha ikhwapha ngokuziveza, livele lijuluke bese liyanuka likubukanise nabantu. Uyiqoma kanjani indoda eshadile? Ay nathi asifunani sisodwa xem. 🙌😩”
Ngakolunye uhlangothi, omunye wesilisa uthe akamangazwa yilezi zinsolo, wabhala wathi:
“UTshatha umuntu wesithembu, kade wayesho, so angithuki nje. 🎤⚠️”
Lezi zinkulumo ziqhubekile nokudala impikiswano ezinkundleni zokuxhumana, lapho abantu beveza imibono ehlukene ngalolu daba. Nokho, kuze kube manje, akukabikho isitatimende esisemthethweni esivela kubantu okuthiwa bayathinteka kulezi zinsolo.


