Sekunenye Inhlangano Ekhankasela Ukuthi #Abahambe Abantu Bokufika – Inizwe Nathi Party
Sekuvele enye inhlangano entsha eNingizimu Afrika,Inizwe Nathi Party, eholwa uThabile Sibeko, ethi izoqhuba umkhankaso wokuthi #Abahambe abantu bokufika ngokusemthethweni ezweni,ikakhulukazi abase-Nigeria.
USibeko uthi inhlangano yakhe izogxila ekuphenyeni izakhiwo ezinkulu ezisemadolobheni amakhulu aseNingizimu Afrika, athe kukhona izinsolo zokuthi ezinye zazo sezithathwe abantu baseNigeria.
Ngokusho kwakhe, lolu phenyo luzoba yingxenye yohlelo olubanzi lwenhlangano olugxile ezindabeni zokufuduka kwabantu, ukuqiniswa kokuphoqelelwa kwemithetho kanye nokulwa nobugebengu.

