“Very Well Done Hardworker!” – UJacinta Ngobese-Zuma Ushayele Ihlombe Owesifazane WaseMalawi Owebe Ubucwebe obungabiza U-R1 Million Nemali Engu-10K Emzini OseThekwini
Umholi wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, useshayele ihlombe owesifazane ongumsizi wasendlini waseMalawi, oshaye wachitha ngemuva kokweba ubucwebe obulinganiselwa ku-R1 million kanye no-R10 000 wemali emzini oseThekwini.
UJacinta ubhale enkundleni yokuxhumana wathi:
“Very well done hardworker‼️‼️‼️ 30 JUNE was the deadline but your employer thought he or she is too clever… Enjoy your winnings.”
Ngokusho komqashi, owesifazane obalekile usebesebenza njengomsizi wasendlini kulo muzi cishe iminyaka eyisikhombisa (7).
Umndeni uthi ngesikhathi ubuya ekhaya cishe ngo-17:30 namuhla ngeSonto, wathola ukuthi ubucwebe begolide, okuhlanganisa nezinhlamvu zemali zeKruger (Kruger coins), obubiza cishe u-R1 million, kanye no-R10 000 wemali, akusekho.
Abantu abaningi abaphawule ezinkundleni zokuxhumana bathi lesi sigameko kufanele sibe yisifundo kubaqashi, bethi kumele baqashe abantu bendawo kunokuba baqashe abantu abavela kwamanye amazwe. Abanye baze bathi owesifazane osolwa “wenze kahle”, nakuba abanye begxeke kakhulu leyo nkulumo, begcizelela ukuthi ukweba akunakulungisiswa noma ngabe yiziphi izizathu.
Kubikwa ukuthi umsolwa usefunwa amaphoyisa kanye ne-Reaction Unit South Africa, kanti kukholakala ukuthi kungenzeka uzama ukuphuma eNingizimu Afrika, alibangise eMalawi.
Noma ubani onolwazi olungasiza ekutholakaleni kwakhe uyanxuswa ukuthi axhumane neReaction Unit South Africa (RUSA) ku-086 1234 333.

