Kudilike Udonga eBuhleni eNazareth Baptist Church, Abantu Abayisishiyagalombili Balimele
Kubikwa ukuthi abantu abayisishiyagalombili balimele ngemuva kokudilika kodonga olubambe umhlabathi (retaining wall) phezu kwabasebenzi eBuhleni, eNazareth Baptist Church, eNanda, enyakatho yeTheku.
Ngokwemibiko, akukakaziwa ukuthi bangaki abasebenzi okungenzeka basagqibeke ngaphansi kwesihlabathi kulandela lesi sigameko.
Abezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko, lapho kuqhubeka khona umsebenzi wokusesha nokuhlenga ukuze kutholakale noma ngabe bakhona yini abanye abantu abasagqitshwe ngaphansi kwesihlabathi.
Imbangela yokudilika kodonga ayikakaziwa, kanti iziphathimandla kulindeleke ukuthi ziqhubeke nophenyo ngalesi sigameko.

#IsambaneNews #IzindabaZeSambane #News #Izindaba

