Kudutshulwe Kwabulawa Ugogo Ekhaya Lakhe OLundi
Kushaqise umphakathi wase sgodini sasodizima, oLundi, kulandela ukubulawa kukagogo uMpathoni Mgabhi ngesikhathi edutshulwa abantu abangaziwa esemzini wakhe ngezikhathi zabo-6 ntambama ngoMgqibelo.
Ngokusho kwe-1KZN TV News, ugogo uMgabhi ubesekhaya ngesikhathi kuqhamuka abantu abangakaziwa abamdubula bambulala ngaphambi kokubaleka. Imbangela yalesi sigameko ayikaziwa, kanti namanje akukaboshwa muntu mayelana naleli cala.
Umndeni kamufi uthi usashaqekile futhi udidekile ngokwenzekile, njengoba bekholelwa ukuthi ugogo ubengumuntu othule, engenazo izitha noma izingxabano nomuntu.
Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo ukuze kutholakale abenzi baleli cala kanye nesizathu esiholele ekubulaweni kwalo gogo.
Lesi sigameko sishiye umndeni, izihlobo kanye nomphakathi waseSodizima beshaqekile, njengoba befuna ubulungiswa nokuthi ababulali baboshwe babhekane nengalo yomthetho.
Imicabango yethu ikumndeni nabangani bakagogo uMpathoni Mgabhi ngalesi sikhathi esinzima.


