13 Jul 2026, Mon

“UJacinta Akasoze Asidayisa” – INgobamakhosi Imncoma Ngokwethembeka Ebuholini

 

“UJacinta Ngobese-Zuma Akasoze Asidayisa” – INgobamakhosi Ntombela Imncoma Ngokwethembeka Ebuholini

INgobamakhosi Ntombela, isiveze ukumeseka ngokuphelele umholi we-March and March uJacinta Ngobese-Zuma, ithi akasoze adayisa ngomzabalazo, umaNgobese ungumholi oqotho nowethembekile, ongaguquki ezinqumweni zakhe futhi ohlale ebeka abantu phambili kunokuzizuzisa yena.

Uqhube wathi abantu kufanele baqonde ukuthi ubuholi buyini, eveza ukuthi kwesinye isikhathi abantu bagcina bedumazekile ngenxa yokwethemba labo ababebonakala bethembekile, kuthi ngokuhamba kwesikhathi kutholakale ukuthi bahlangana nezitha ngasese.

Ngokusho kwakhe, umholi weqiniso ngulowo ohambisa abantu phambili, ozimisele ukuzidela ngenxa yabantu bakhe, futhi okhuluma into efanayo ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokushintsha imibono ngenxa yezimo.

INgobamakhosi iphinde yancoma uJacinta Ngobese-Zuma ngokuthi uhlale ewazisa amalungu ngazo zonke izinhlelo nemihlangano ayibambayo, okubenza bangabi nasizathu sokungamethembi.

Uthe umholi obamba imihlangano nezitha zabantu bakhe ngaphandle kokubazisa noma ukubatshela okuxoxiwe, akakwazi ukuthenjwa ngoba ugcina esenezimfihlo kubantu athi uyabahola.

Ugcine ngokuthi indlela uJacinta Ngobese-Zuma ahola ngayo iyabonakala emisebenzini yakhe, yingakho yena ekholwa ukuthi akekho ongabaza ubuqotho bakhe njengomholi.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *