13 Jul 2026, Mon

Kuqala Uphenyo Ngokushona Kuka-Anele Tembe – Ofakazi Abayisithupha Bazodalula Okwenzeka Ngalobo Busuku

 Kuqala Uphenyo Ngokushona Kuka-Anele Tembe – Ofakazi Abayisithupha Bazodalula Okwenzeka Ngalobo Busuku

Ngemuva kweminyaka engaphezu kwemihlanu kushone u-Anele Tembe, indodakazi kasomabhizinisi uMoses Tembe, uphenyo lwenkantolo (inquest) ngezimo zokushona kwakhe seluqalile eNkantolo yeMantshi yaseKapa, lapho kulindeleke khona ukuthi ofakazi abayisithupha banikeze ubufakazi obungasiza ekucaciseni okwenzeka ngosuku ashona ngalo.

Uphenyo luhlelelwe ukuqhubeka izinsuku ezintathu, kusukela mhla zingu-13 kuya zingu-15 kuJulayi 2026. U-Anele washona ngomhlaka-11 Ephreli 2021 ngemuva kokuwa esitezi seshumi sehhotela iPepperclub eKapa. Ngaleso sikhathi wayethembisene umshado nomrepha ongasekho, uKiernan “AKA” Forbes, owayekhona ehhotela ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Umndeni wakwaTembe usunesikhathi ufuna izimpendulo mayelana nokushona kwakhe. Uyise ka-Anele, uMoses Tembe, wake waphikisa imibono ethi indodakazi yakhe yayinokuzibulala, ethi lowo mbono awuhambisani nalokho umndeni okholelwa kukho.

Lolu phenyo luqala ngemuva kokuthi phambilini iNational Prosecuting Authority yanquma ukuthi akukho muntu ozoshushiswa ngobugebengu kulandela uphenyo lwamaphoyisa nemibiko yochwepheshe. Inhloso ye-inquest manje ukuhlola bonke ubufakazi obukhona ukuze inkantolo ithole ukuthi kwenzekani nokuthi yiziphi izimo ezaholela ekufeni kuka-Anele

Leli cala liyaqhubeka nokudonsa amehlo omphakathi, njengoba abaningi benethemba lokuthi ubufakazi obuzokwethulwa buzoletha izimpendulo umndeni wakwaTembe obulokhu uzifuna iminyaka eminingi.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *