“Ningezi E-Limpopo!” – Amazwi KaNdunankulu uPhophi Ramathuba
UNdunankulu waseLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, usegxekwe kakhulu ngemuva kokuthi ethe abantu bangaphandle kwesifundazwe sakhe akufanele bangene bazongenelela ezindabeni zesifundazwe saseLimpopo.
Ekhuluma emcimbini wakamuva, uRamathuba uthe “Hands off Limpopo”, egcizelela ukuthi abantu okungebona abaseLimpopo ne-March and March akufanele befike bezotshela abantu bakhona ukuthi kufanele baphile kanjani noma baqhube kanjani izindaba zabo.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #limpopo

