“Bayekeleni Bahlale, Nibakhokhise Intela!” – Owesilisa Omhlophe Uphakamisa Enye Indlela Yokubhekana Nabokufika Abangekho Ngokusemthethweni
Usomabhizinisi waseNingizimu Afrika, uRob Hersov, uthi sekuyisikhathi sokuthi izwe licabange kabusha ngendlela elibhekana ngayo nabantu bokufika abangenawo amaphepha asemthethweni.
Uthi esikhundleni sokuxosha abantu bokufika abangekho ngokusemthethweni, uhulumeni kufanele abavumele bahlale bese ebakhokhisa intela.
Ngokusho kwakhe, imali eqoqwa kuleyo ntela ingasetshenziswa ukusiza abantu baseNingizimu Afrika abahlwempu nokuthuthukisa izinsiza zomphakathi.
Uthe abantu abaningi bokufika sebevele bayasebenza noma benza amabhizinisi, ngakho ukubafaka ohlelweni olusemthethweni lokukhokha intela kungaletha imali engenayo kuhulumeni kunokuba kugxilwe kuphela ekubadingiseni.
Nokho, umbono wakhe uhlukanise imibono. Abanye bathi kungaba yindlela engcono yokwandisa imali engenayo kuhulumeni nokulawula abantu bokufika, kanti abanye bakuphikile lokho, bethi kungakhuthaza abantu abaningi ukuthi bangene eNingizimu Afrika ngokungemthetho futhi kuphambane nemithetho yezokufika.
Le nkulumo iza ngesikhathi iNingizimu Afrika iqhubeka nokubhekana nezimpikiswano ezinkulu mayelana nabantu bokufika abangekho ngokusemthethweni, njengoba uhulumeni eqinisa ukusetshenziswa kwemithetho yezokufika futhi imibhikisho ephathelene nalolu daba iqhubeka ezindaweni ezahlukene zezwe.
Kuthini ukuphawula kwakho ngalolu daba?
#robhersov #Abokufika #sagovernment #IzindabazeSambane #IsambaneNews

