Indodakazi KaConnie Chiume Icela Usizo Lwemali Ukuze Iqhubeke Nezifundo Zayo ELos Angeles
UNothando Mabuza-Chiume, indodakazi yomlingisi ongasekho uConnie Chiume, usecele usizo lwezimali emphakathini ukuze akwazi ukuqhubeka nezifundo zakhe zobulingisi nokubhala izikripthi eLos Angeles, e-United States.
UNothando wethule umkhankaso wokuqoqa imali nge-BackaBuddy, lapho ehlose khona ukuqoqa u-R150 000 ozomsiza ukukhokhela izindleko zokufunda nokuhlala ngesikhathi eqhubeka nezifundo zakhe.
Echaza isinqumo sakhe sokucela usizo, uthe akubanga lula ukukwenza ngoba sekuyisikhathi eside ebhekene nosizi lokushonelwa unina, ingcindezi kanye nokulwela ukwakha ikusasa lakhe embonini yezobuciko. Uthe lolu hambo alulona nje olwemfundo kuphela, kodwa luyingxenye yokuphulukisa nokufeza amaphupho akhe.
UNothando uphinde wacela noma ubani ongakwazi ukunikela, noma ngabe yimali encane, noma ukusabalalisa umkhankaso wakhe ukuze ufinyelele kubantu abaningi. Uthe ukwesekwa ngabantu kuzomnika ithuba lokuthuthukisa amakhono akhe nokubuya ezosebenzela imboni yezobuciko eNingizimu Afrika.
Lesi sicelo sesivuse imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bathi kufanele asekelwe ukuze afeze amaphupho akhe futhi aqhubekisele phambili ifa likanina, kanti abanye babuza ukuthi kungani esecela iminikelo emphakathini.

