14 Jul 2026, Tue

UMfundisi Pastorino Uthi IMarch and March Izophela, ‘Izoqedwa Yindlala’

UMfundisi Pastorino uthi abantu abaningi bebehlale bembuza ukuthi iMarch and March izophela nini. Uthe impendulo yakhe ibilokhu ifana.

“IMarch and March izophela, izoqedwa yindlala.”

Lo mfundisi uthe uyaweseka umzamo wokuthi kulungiswe izwe nokuthi kubhekwane nodaba lwabokufika abangekho ngokusemthethweni, kodwa wagcizelela ukuthi kufanele kubhekwe nesimo sokuphila sabantu baseNingizimu Afrika.

Uthe:

“Akulungiswe izwe, kuxoshwe abokufika, kodwa kuphinde kulungiswe izisu zabantwana bethu nemindeni yethu.”

Ngokusho kwakhe, uma abantu sebeqala ukulamba futhi bengasenamali yokondla imindeni yabo, ngeke besaba namandla okuqhubeka begcwala emigwaqweni bemasha.

“Uma sekulambekile ngeke sibe ne-power yokugcwala emigwaqweni simashe.”

UPastorino uqhube wathi ngenxa yesimo somnotho izwe elibhekene naso, kuzokwazi ukusinda kuphela abantu abanamabhizinisi, imisebenzi noma ezinye izindlela zokuziphilisa.

Uthe labo asebenothile bazokwazi ukuqhubeka nokweseka imibhikisho, kodwa abantu abahlwempu bazobhekana nobunzima obukhulu njengoba bezobe begxile ekutholeni ukudla nasekunakekeleni imindeniUMfundisi Pastorino Uthi IMarch and March Izophela, ‘Izoqedwa Yindlala’

UMfundisi Pastorino uthi abantu abaningi bebehlale bembuza ukuthi iMarch and March izophela nini. Uthe impendulo yakhe ibilokhu ifana.

“IMarch and March izophela, izoqedwa yindlala.”

Lo mfundisi uthe uyaweseka umzamo wokuthi kulungiswe izwe nokuthi kubhekwane nodaba lwabokufika abangekho ngokusemthethweni, kodwa wagcizelela ukuthi kufanele kubhekwe nesimo sokuphila sabantu baseNingizimu Afrika.

Uthe:

“Akulungiswe izwe, kuxoshwe abokufika, kodwa kuphinde kulungiswe izisu zabantwana bethu nemindeni yethu.”

Ngokusho kwakhe, uma abantu sebeqala ukulamba futhi bengasenamali yokondla imindeni yabo, ngeke besaba namandla okuqhubeka begcwala emigwaqweni bemasha.

“Uma sekulambekile ngeke sibe ne-power yokugcwala emigwaqweni simashe.”

UPastorino uqhube wathi ngenxa yesimo somnotho izwe elibhekene naso, kuzokwazi ukusinda kuphela abantu abanamabhizinisi, imisebenzi noma ezinye izindlela zokuziphilisa.

Uthe labo asebenothile bazokwazi ukuqhubeka nokweseka imibhikisho, kodwa abantu abahlwempu bazobhekana nobunzima obukhulu njengoba bezobe begxile ekutholeni ukudla nasekunakekeleni imindeni yabo.

Uphinde wathi iMarch and March ayinaso isikhwama noma uhlelo lokuxhasa amalungu ayo ngemali, okusho ukuthi uma ukuntuleka kwemisebenzi nendlala kuqhubeka, inhlangano ingase igcine isiphelile ngenxa yokuthi abantu bazobe sebebeka phambili imindeni yabo kunokubamba iqhaza emibhikishweni.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #marchandmarch #pastorino #indlala
yabo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *