Owesifazane waseNigeria wenqabe u-R4 million abezonikwa wona ukuze ashiye e-UK, abuyeke kubo
Owesifazane waseNigeria osehlale iminyaka engu-30 e-United Kingdom wenqabe isamba semali esilinganiselwa ku-R4 million, abezosinikezwa sona uma evuma ukushiya e-UK abuyele eNigeria ayohlala khona unomphela.
Lo wesifazane, owaziwa ngoJane, uvele kwi-interview eLewisham, eLondon, lapho echaze khona ukuthi ngeke avume ukuthatha imali engu-£200 000 ukuze ashiye i-UK angaphinde abuye.
Nokho, lo wesifazane waqhubeka nokwenqaba, ethi isizathu esikhulu esenza angafuni ukubuyela eNigeria yindaba yezokuphepha.
UJane, othi udabuka e-Abia nase-Ebonyi eNigeria, uthe akasiboni isimo sokuphepha ezweni lakubo, yingakho engafuni ukushiya impilo ayakhe e-UK.


