24 Jul 2026, Fri

“SENGIKHATHELE MANJE!” — UFakazi UVELE WACASUKA ENKANTOLO ESECALENI LIKA-CAT MATLALA

“HAI NKOSI YAMI, SENGIKHATHELE MANJE!” — UFakazi UVELE WACASUKA ENKANTOLO ESECALENI LIKA-CAT MATLALA

Ufakazi uBethwell Cele uvele wacasuka ngesikhathi ephendula imibuzo ephindaphindwayo ecaleni likaVusimuzi “Cat” Matlala nabanye abasolwa naye.

UCele, owayesebenza njengonogada endaweni yegalofu eCenturion, ubebuzwa mayelana nesigameko sokuzama ukubulawa kukasomabhizinisi uJoe Sibanyoni.

Ngesikhathi ezwa sengathi imibuzo iyaphindaphindwa futhi imdida, uCele waphakamisa isandla ebheke kuJaji wathi:

“Eish, Nkosi yami, sengikhathele manje. Yinto efanayo ephindaphindwa kaninginingi… asiyi ndawo.”

Le nkulumo yakhe isabalale ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abaningi behlekiswe indlela lo fakazi abeveze ngayo ukukhathala kwakhe ngesikhathi eqhubeka nokuphenywa enkantolo.

Kwesinye isigameko, uCele wacelwa ukuthi adwebe umdwebo obonisa indlela indawo yesigameko eyayimi ngayo.

“Manje inkinga isiqalile futhi. Ufuna ngidwebe ini? Angiyena umdwebi,” kuphendula uCele ngosizo lomhumushi.

Ummeli uNardus Grove wabe esemcela ukuthi azame ukudweba.

“Angenzi ama feva, angikhulanga kanjalo,” kuphendula uCele.

UVusimuzi “Cat” Matlala, unkosikazi wakhe uTsakane Matlala, uMusa Kekana, uTiego Floyd Mabusela kanye noNthabiseng Zandile Nzama babhekene namacala angu-25 eNkantolo eNkulu yaseGoli, okubalwa kuwo amacala okuzama ukubulala, uzungu lokubulala, ukukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali.

Icala lisaqhubeka enkantolo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *