30 Aug 2026, Sun

UBhuti Scebi akashonanga kuphela kuyosetshenzwa ngaye… uzovela okwenzile ungakapheli 3 months”

UBhuti Scebi akashonanga kuphela kuyosetshenzwa ngaye… uzovela okwenzile ungakapheli 3 months”

Kusabalale amazwi ka Conayza Xama aphakamisa imibuzo eminingi kulandela ukudlula emhlabeni kuka Scebi iNkosi Yamagcokama Dlamini.

UConayza uthi, ukushona kukaScebi ngeke kube ukuphela kwendaba, ethi kunomuntu okungenzeka ukuthi ngelinye ilanga avele obala mayelana nalokho okwenzekile. Uphinde wathi uScebi wayenesiphiwo esikhulu futhi wayesazoba ngumuntu omkhulu emculweni kaMaskandi.

“UBhuti Scebi akashonanga kuphela kuyosetshenzwa ngaye… uzovela okwenzile ungakapheli 3 months”

La mazwi ashiye abantu abaningi bemangele, ikakhulukazi njengoba uConayza ekhuluma nangomuntu athi ekugcineni uzovela obala.

😳 “WAZE WALIKHULUMA IQINISO” — UWANDILE DLAMINI

UWandile Dlamini naye uphendule kulenkulumo kaConayza, ethi amazwi akhe ayiqiniso futhi izinto azishoyo ziye zenzeka.

“Uyazi mfethu, waze walikhuluma iqiniso… kodwa uzovela lona owenze lento. Uzozivelela lomfana ubenesiphiwo esinqaba and uzobashaya amakhanda bonke emculweni kamasikandi.”

UWandile uthi uScebi wayenesiphiwo esingajwayelekile futhi ukholelwa ukuthi ukube ubesaphila, wayezoba ngomunye wabaculi abakhulu emculweni kaMaskandi.

Esithombeni: Owentshebe Ngu Wandile Dlamini.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #scebidlamini

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *