30 Aug 2026, Sun

UKELVIN SHAI: “AYIKHO I-RELATIONSHIP ENGENAWO AMA-CHALLENGES”

UKELVIN SHAI: “AYIKHO I-RELATIONSHIP ENGENAWO AMA-CHALLENGES”

UKelvin Shai useveze ukuthi ayikho i-relationship engenazo izinselelo, okuyikhona okumenze wanquma ukuxolela umkakhe uMatshidiso yize amjolela noLimpopo Boy, nokwenza igama lakhe lagcina likhulunywa kakhulu ezweni. 💔

UKelvin uthi ubudlelwano obuqinile abakheki ngezikhathi ezimnandi kuphela, kodwa buyakhula nangaphansi kwezinkinga abantu abadlula kuzo ndawonye.

Uthi nakuba okwenzeka kuye kube buhlungu futhi kwamfaka esimweni esinzima, ukhethe ukuxolela umkakhe ngoba uthando analo kuye lusabalulekile.

“There is no relationship without its challenges. A strong relationship is built through difficulties.” ❤️

UKelvin uthi akafuni ukuvumela okwenzekile kuqede ubudlelwano bakhe, kunalokho ufuna ukuthi yena nomkakhe bafunde kulokho okwenzekile futhi baqhubeke nokwakha ubudlelwano babo.

Wena ucabangani? Ngabe umuntu kufanele axole uma uma umuntu wakhe emjolele, noma ukukhaphela uthando kuyinto engenakuxolelwa?

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #kelvinshai

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *