30 Aug 2026, Sun

“UMA URAMAPHOSA EBeka PHANSI IZINTAMBO, NGIZOBA UMONGAMELI” — UNGIZWE MCHUNU

“UMA URAMAPHOSA EBeka PHANSI IZINTAMBO, NGIZOBA UMONGAMELI” — UNGIZWE MCHUNU

Owayengumsakazi woKhozi FM, aphinde abe nguMengameli waMabhinca, uNgizwe Mchunu, useveze isifiso sakhe sokuba nguMongameli waseNingizimu Afrika.

UNgizwe uthi uma uMongameli uCyril Ramaphosa esebeka phansi izintambo, uyena ozolandela esikhundleni sobumongameli, ethi uzimisele ukuhola izwe.

La mazwi uwasho ngesikhathi somngcwabo kaScebi Dlamini, lapho ezwakalise khona ukuzethemba ngobuholi bakhe. Kukhona nesiqeshana esisabalale ezinkundleni lapho ezwakala ethi “I am the President in waiting.”

UNgizwe useke wagqama kakhulu ezindabeni zezepolitiki nezenhlalo kulezi zinyanga ezedlule. Muva nje ubebandakanyeka kwiMarch and March ngaphambi kokuthi le nhlangano imise ukubambisana naye, kanti yena waphinde wakhuluma ngokuthi ufuna “ukulungisa izwe.”

Nokho, ukuba nguMongameli waseNingizimu Afrika akusona isikhundla umuntu azithathela sona ngokuzimemezela. UMongameli ukhethwa yiNational Assembly ngemuva kokhetho lukazwelonke.

Ngakho-ke umbuzo omkhulu uthi:

INGABE UNGIZWE MCHUNU ANGAKWAZI UKUBA NGUMONGAMELI WEZWE?

Abanye bathi “alivuke iChunu, liyaphupha”, kanti abanye bathi wonke umuntu unelungelo lokuba namaphupho amakhulu futhi uNgizwe unabasekeli bakhe.

Wena ucabangani? Ngabe uNgizwe angaba nguMongameli waseNingizimu Afrika ngelinye ilanga?

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #President #cyrilramaphosa #ngizwemchunu

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *