30 Aug 2026, Sun

INTOMBAZANE IZIBULELE NGEMUVA KOKUDLWENGULWA YI-STEP FATHER

 INTOMBAZANE IZIBULELE NGEMUVA KOKUDLWENGULWA YI-STEP FATHER 💔

USindiswa Habe obengumfundi wase-University of Free State, kubikwa ukuthi wake wabhekana nesimo esibuhlungu sokuhlukunyezwa ngokocansi yi-step father sakhe, kanti ngesikhathi etshela unina ngalokho okwakwenzekile, kubikwa ukuthi unina wathatha le ndoda yakhe, esikhundleni sokuzwa okushiwo yingane yakhe.

Kuthiwa uSindiswa wagcina ethole umsebenzi, wabe esethatha isinqumo sokuyohlala emqashweni, ezama ukuqala impilo entsha kude nezigameko ezazimhlukumezile.

Nokho, kubikwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi waphelelwa umsebenzi, okwamphoqa ukuthi abuyele ekhaya.

Kuthiwa ukubuya kwakhe ekhaya akuzange kube lula, njengoba kubikwa ukuthi wabhekana nobunzima obukhulu ekuphileni. Kuthiwa wagcina engasakwazi ukubekezelela lesi simo, wabe esezithathela impilo yakhe.

Le ndaba ishiye abaningi bedabukile, ikakhulukazi ngenxa yobunzima abebhekene nabo ekhaya.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *