30 Aug 2026, Sun

ABALANDELI BATHI UKHUZANI MAKAPHUME EZINDABENI ZIKA-SCEBI

ABALANDELI BATHI UKHUZANI MAKAPHUME EZINDABENI ZIKA-SCEBI.

Lolu daba seluze lwafika ezingeni lapho abanye abalandeli sebethi uKhuzani Mpungose akaphume aphele ezindabeni ezithinta uScebi iNkosi Yamagcokama Dlamini, bethi akasadingeki ukuthi aqhubeke nokungena ezindabeni zomndeni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhuzani uke waveza ukuthi imali azoyithola ngokuqhashwa iMpucuzeko uzoyithatha yonke ayinikele emndenini wakwaDlamini, ngenhloso yokusiza ekuqedeni ukwakhiwa kwendlu kaScebi.

Nokho, muva nje sekukhona ezinye izinkulumo ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho kugxekwa khona uKhuzani.

Abanye bamsola ngokuthi nguye owafaka abaculi bakaMaskandi ngekhanda mayelana nokuthi imali engaphezu kuka-R200,000, eyayiqoqwe ngabaculi ukuze kusizwe ngezindleko zokungcwaba uGupta noScebi ithathwe yanikwa uNala waMathole Funerals.

Labo abamgxekayo bathi le mali yanikezwa uNala yize,uNala wayengazange acele le mali.

Lezi zinsolo zibe nomthelela omkhulu ekutheni abanye abalandeli baqale ukubuza ngendima kaKhuzani kulolu daba, kanti abanye sebethi kungcono ahlukane ngokuphelele nezindaba ezithinta umndeni kaScebi.

Manje inkulumo esemlonyeni yabalandeli ithi: uKhuzani kufanele angasaqhubeki nokubandakanyeka ezindabeni zikaScebi futhi aphume ngokuphelele.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #khuzanimpungose #scebidlamini

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *