30 Aug 2026, Sun

BAZOBOSHWA ABAROBHA Ugesi: UHULUMENI USULUNGISELELA UKUBAMBA Bonke ABAROBHA Ugesi.

BAZOBOSHWA ABAROBHA Ugesi: UHULUMENI USULUNGISELELA UKUBAMBA Bonke ABAROBHA Ugesi.

UNgqongqoshe Wezogesi Namandla, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi uMnyango Wezamandla Nokumbiwa Phansi usulungiselela uhlelo olusha lokubhekana nabantu abantshontsha ugesi eNingizimu Afrika.

Ngokwalezi zinhlelo, kuthiwa kuzokwenziwa ukuhlolwa umuzi nomuzi, kusetshenziswe izinombolo zama-meter ukuze kubhekwe ukuthi amakhaya ayawuthenga yini ugesi ngokusemthethweni noma cha.

Abantu abazotholakala berobhe ugesi bangase babhekane nezinyathelo zomthetho, okuhlanganisa nokuboshwa.

Ngokwale mibiko, umuntu ozotholakala enecala lokurobha ugesi angase abhekane nesigwebo esifika eminyakeni emibili noma ngaphezulu, kuye ngokuthi icala libhekwa kanjani ngaphansi komthetho.

UMnyango Wezamandla Nokumbiwa Phansi uxwayisa izakhamizi ukuthi ziyeke ukurobha ugesi noma ukuxhuma ugesi ngokungemthetho, njengoba uhlelo lokuqinisa ukuhlolwa nokuthungatha labo abenza lo mkhuba kuthiwa selusondele.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #eletricity

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *