SELIPHUMILE ESIBHEDLELA IGIDANGOMA LIKA SCEBI NGEMUVA KWENGOZI.
Usephumile esibhedlela uVuyani Dlamini, obelimele engozini yemoto eyenzeka ngesikhathi ehamba nomculi kaMaskandi uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini.
UScebi washona kule ngozi, kanye nelinye lamagidangoma akhe, uSipho “Gupta” Mchunu.
UVuyani nguyena obekade esesimweni esibucayi kakhulu esibhedlela, kanti kubikwa ukuthi ubengakwazi nokukhuluma ngenxa yobunzima bokulimala abebhekene nakho.
Manje sekukhona izindaba ezinhle zokuthi usephumile esibhedlela, okuyinto eyamukelwa ngenjabulo umndeni nabalandeli bakaScebi.
Kusele uQiniso Dlamini osagcinwe esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima engxenyeni engezansi yomlenze. Kubikwa ukuthi ngeSonto ubefakelwe insimbi emlenzeni ukuze kusizwe ekwelapheni ukulimala kwakhe.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #scebidlamini

