11 Sep 2026, Fri

KUDUTSHULWE KUBULAWA U-MY FRIEND OBEZAMA UKUCIMA ISITOLO SAKHE ESISHISWE NGOMLILO

KUDUTSHULWE KUBULAWA U-MY FRIEND OBEZAMA UKUCIMA ISITOLO SAKHE ESISHISWE NGOMLILO

Kubikwa ukuthi uJamal Bapari, ongowokudabuka eBangladesh, udutshulwe wabulawa ngesikhathi kuhlaselwa isitolo sakhe eLady Frere, e-Eastern Cape.

Ngokwemibiko, abasolwa basike uphahla lwensimbi lwalesi sitolo ukuze bangene ngaphakathi, ngaphambi kokuthi kushiswe isitolo.

Kuthiwa uBapari udutshulwe esifubeni ngesikhathi ezama ukucima umlilo obugqamuka kulesi sitolo.

Amalungu omphakathi waseBangladesh amuphuthumise esibhedlela ngethemba lokuthi uzosindiswa, kodwa kubikwa ukuthi ufike eseshonile.

Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo ukuze kutholakale ukuthi yini ebangele lokhu kuhlaselwa, kanye nokuthungathwa kwabasolwa abathintekayo.

Udaba lusaqhubeka nokulandelelwa njengoba kusalindwe eminye imininingwane ngamaphoyisa.

#ezendawo #EzendawoNews #news #izindaba #LadyFrere

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *