UYABEKWA NAMUHLA UMFANA OGWAZWE WABULAWA KULANDELA INGXABANO EQUBUKE BEPHUZA UTSHWALA
Uyabekwa namuhla endlini yakhe yokugcina uSabelo Emmanuel Mthethwa, owagwazwa wabulawa kulandela ingxabano phakathi kwakhe nomfana ogama lakhe linguGodo.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi kuqubuka le ngxabano, laba bebethikamezekile ngenxa yokuphuza utshwala. USabelo wagwazwa amahlandla amabili, nokwagcina ngokuthi ashone endaweni yaseMasukwana. 💔🕊️
Namuhla umndeni, abangani kanye namalungu omphakathi bazobe bemvalelisa okokugcina, kulandela ukulahlekelwa kwakhe kabuhlungu.
Kuze kube manje kubikwa ukuthi uGodo usagcwele amathafa, kulandela isigameko sokubulawa kukaMthethwa.

🕊️💔 Lala ngokuthula Sabelo Emmanuel Mthethwa.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #RIP #News #Izindaba #Masukwana

