UNESI UBONAKALE EDANSA EJABULE NGEMVA KOKUHAMBA KWABANTU BOKUFIKA ESIBHEDLELA
UTHI UBONGA I-MARCH AND MARCH NGOKUTHI ABAHAMBE!
Owesifazane onguNesi waseNingizimu Afrika, ubonakale edansa ejabule ngaphakathi esibhedlela, ngesikhathi ebonakala ebonga inhlangano iMarch and March ngemizamo yayo yokufuna ukuthi abantu bokufika basuke ezikhungweni zezempilo.
Kule vidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, lo nesi ubonakala ejabulela ukuhamba kwabantu bokufika, ethi uyayibonga iMarch and March eholwa ngu-Jacinta Ngobese-Zuma ngalokho ekwenzile.
Lo wesifazane uphinde waveza umbono wakhe wokuthi abantu baseNingizimu Afrika abaguli kaningi, ngakho-ke abayi ezibhedlela kaningi njengabantu bokufika.
Amazwi akhe asephakamise ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abanye bemeseka kanti abanye begxeka indlela akhuluma ngayo ngabantu bokufika kanye nezinsiza zezempilo.

