I-IFP ITHI IZOQHUBEKA NOKUPHATHA AMASAKA EMPUPHU NAMAKHABISHI KUBANTU NGAPHAMBI KOKHETHO
Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izoqinisa imizamo yokuphathela abantu amasaka empuphu namakhabishi njengoba iqhubeka nemikhankaso yayo yokunxenxa abavoti ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya luka-2026.
Le nhlangano ithi ikholelwa ekutheni abantu kumele badle, yingakho ingafuni ukugxila ekuceleni abantu ukuthi bayivotele kuphela.
IFP ithi ngesikhathi inxenxa abantu ukuba bayisekele okhethweni, izophinde ibaphathele amasaka empuphu kanye namakhabishi.
Le nhlangano ithi lokhu ikwenza ngoba ikholelwa ekutheni ukukhuluma nabantu ngezepolitiki kufanele kuhambisane nokubhekana nezidingo zabo zansuku zonke, ikakhulukazi ukudla.
Nokho, lokhu sekuphinde kwavusa imibono eyahlukene emphakathini, njengoba abanye bebuza ukuthi kungani abantu banikezwe ukudla uma sekusondele isikhathi sokuvota
#IFP #LocalElections2026 #SouthAfrica #Politics

