UMSHAYELI WE-E-HAILING ONEMINYAKA ENGU-25 UDLWENGULWE NGABESIFAZANE ABABILI
Amaphoyisa aseSteenberg ahlenge umshayeli we-e-hailing, oneminyaka engu-25 ngemuva kokuthi kuthiwa uthunjiwe waphinde wadlwengulwa ngabesifazane ababili, kanti amadoda amathathu nawo kusolwa ukuthi ayebandakanyeka kulesi sigameko.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu, kanti ngokwemibiko, lo mshayeli wayeseke wahlangana nomunye wabesifazane okusolwa ukuthi babandakanyeka kulesi sigameko ngesonto eledlule ngesikhathi emthutha ngomsebenzi wakhe.
Kuthiwa laba bobabili bashintshiselana ngezinombolo zabo zokuxhumana, baqhubeka nokuxhumana isonto lonke, kwaze kwaba yilapho bevumelana ngokuthi bazophinde bahlangane.
Ngesikhathi lo mshayeli eya lapho abevumelene khona ukuhlangana khona, kuthiwa wabanjwa ngenkani yiqembu labantu, wathunjwa, kwathi laba besifazane ababili kuthiwa bamdlwengula.
Okhulumela amaphoyisa eKapa, uConstable Ndakhe Gwala, uthe amaphoyisa aziswe ngumfowabo walo mshayeli ngemuva kokuthi ethintwe abantu ababefuna imali engu-R4 000 ukuze bamkhulule.
Amaphoyisa asebenzise i-tracking device yemoto yalo mshayeli ukuze alandelele ukuthi ukuphi. Kuthiwa bagcine bemtholile eSouthampton Road, eHeathfield.
Amaphoyisa abophe abesifazane ababili, abaneminyaka engu-23 no-34, kanye nabesilisa abathathu abaneminyaka engu-16, 42 no-48.
Bonke abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eWynberg Magistrate’s Court ngoMsombuluko, mhlaka-14 Septhemba 2026.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka mayelana nesigameko.
#CapeTown #Steenberg #Heathfield #Crime #eHailing

