14 Sep 2026, Mon

UMFUNDISI NOMKAKHE BADLULE EMHLABENI ENGOZINI YEMOTO EMPUMALANGA

UMFUNDISI NOMKAKHE BADLULE EMHLABENI ENGOZINI YEMOTO EMPUMALANGA.

UMfundisi uSithole nomkakhe badlule emhlabeni engozini yemoto eMpumalanga, behamba nabantwana babo ababili.

UMfundisi uSithole ubengumholi webandla i-Africa Evangelical Church eGoli, lapho ayethandwa khona kakhulu ngabebandla nomphakathi.

Lo mfundisi ubeyinzalabantu yaseManguzi, KwaMhlabuyalingana, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi ubebuya ekhaya eManguzi ngesikhathi imoto ababekuyo ithola ingozi eMpumalanga.

Lesi sigameko sishiye ibandla nomphakathi waseManguzi kanye nabangani nomndeni bekhungathekile, njengoba beshonelwe ngumholi abebemthanda futhi bemhlonipha kakhulu.

Ukushona kwalaba bashadikazi kushiye isililo esikhulu, ikakhulukazi kulabo ababebazi futhi behamba nabo ohambweni lwempilo nenkolo. 💔

Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, ebandleni i-Africa Evangelical Church, kubangani nakubo bonke abathintekile ngale nhlekelele.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *