15 Sep 2026, Tue

UKevIN SHAI UTHI USEZOBA YI-SECURITY LOMKAKHE NGOBA UYAMTHANDA

“SENGIZOHAMBA NOMKAMI NGASO SONKE ISIKHATHI” — UKevIN SHAI UTHI USEZOBA YI-SECURITY LAKHE NGOBA UYAMTHANDA.‏

UKevin Shai uthi usezithathele isinqumo sokuthi ahambe nomkakhe, uMatshidiso Matilda, ngaso sonke isikhathi uma bephuma.

UKevin uthi uyamthanda umkakhe, futhi lokhu ukushilo ngemuva kokuphinde agconwe ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubonakala kwakhe endaweni yobumnandi ehamba noMatshidiso.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokusabalala kwevidiyo yocansi kaMatshidiso noLimpopo Boy, eyadala umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye abantu baphinde bamgcona uKevin, bethi usephenduke unogada womkakhe, kwaze kwavela amazwi athi:

“From husband to security officer. Now Shai has to go to zonke izindawo where Matshidiso Matilda goes.

UKevin yena uthi akazikhathazi ngalokho okushiwo abantu. Uthi uthando analo ngomkakhe yilo olumenza afune ukuba naye njalo, noma ngabe abantu bacabangani.

UKevin ubonakala ezimisele ukuma nomkakhe naphezu kokugconwa nokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #kevinshai #matshidisomatilda #news

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *