UJULIUS MKHWANAZI NABANYE ABAHLANU BANQATSHLWE IBHEYILI!
ISuspended EMPD Deputy Chief, Julius Mkhwanazi, kanye nabanye abahlanu abasolwa naye baphucwe ithuba lokuphuma ngebheyili yi-Brakpan Magistrate’s Court namuhla.
Laba abayisithupha babhekene necala elihlobene nokubulawa kukasomabhizinisi Emmanuel Mbense ngo-2022.
Ngokwemibiko ye-SABC News, abasolwa babhekene namacala okubulala, ukuphanga kanye nokuphazamisa ukuphela kobulungiswa. UMbense kuthiwa waphangwa wabulawa, isidumbu sakhe sagcina silahlwe edamini.
IMantshi uColin Mashego ithole ukuthi abasolwa abakhombisanga izimo ezingavamile ebezingavumela ukuthi bakhululwe ngebheyili. Inkantolo iphinde yabheka ubunzima bezinsolo kanye nomthelela ongaba khona ekuphathweni kobulungiswa.
Lokhu kusho ukuthi uMkhwanazi nabanye abahlanu bazoqhubeka nokuboshwa njengoba icala liqhubeka.
#JuliusMkhwanazi #EmmanuelMbense #Brakpan #SABCNews #BreakingNews #News

