UMAMA ONEMINYAKA ENGU-26 UTHOLAKALE ENGENACALA NGOKUBULALA IZINGANE ZAKHE EZIMBILI
Owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala ubhekane necala lokubulala izingane zakhe ezimbili, enye eneminyaka engu-11 months kanti enye ineminyaka engu-3.
Nokho, inkantolo imthole engenacala, kulandela ubufakazi obethulwe enkantolo obukhombise ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko lo wesifazane wayenokuphazamiseka okukhulu ngokwengqondo.
Lesi sinqumo sisho ukuthi inkantolo ayimthathanga njengomuntu owayenamandla okwenza isinqumo esinengqondo ngesikhathi kwenzeka ukufa kwezingane.
🕊️💔 Imiphefumulo yezingane mayiphumule ngokuthula.
#BreakingNews #Crime #MentalHealth #SouthAfrica #Justice #IsambaneNews #IzindabazeSambane

