31 Oct 2026, Sat

UXOLANI KHUMALO UTHEMBISA UKUQEDA NGEZIDAKAMIZWA ENTSHENI YASE-EKURHULENI

UXOLANI KHUMALO UTHEMBISA UKUQEDA NGEZIDAKAMIZWA ENTSHENI YASE-EKURHULENI

Ongenele isikhundla sobumeya ngaphansi kweqembu i-ActionSA kuMasipala wase-Ekurhuleni, uXolani Khumalo, uthi uzimisele ngokulwa nezidakamizwa kanye nabantu abazidayisayo emiphakathini.

UKhumalo uthi uma ethola ithuba lokuhola umasipala, uzosebenzisana nezinhlaka ezifanele ukuvala izindawo ezaziwa ngokudayiswa nokusetshenziswa kwezidakamizwa (drug dens).

Uphinde wathembisa ukuthi uzogxila ekuqedeni amanethiwekhi abantu abasabalalisa izidakamizwa, ngenhloso yokubuyisa ukuphepha nokuthula emiphakathini.

Uthi izidakamizwa seziyinkinga enkulu emiphakathini eminingi, njengoba zithinta kakhulu intsha, imindeni kanye nokuphepha kwabantu.

UKhumalo uthi ufuna ukubona imiphakathi yase-Ekurhuleni ibuyiselwa ezandleni zabahlali, kunokuba ilawulwe ngabantu abaziphilisa ngokudayisa izidakamizwa.

Lezi zithembiso ziyingxenye yemizamo yakhe yokukhankasela ukwesekwa ngabavoti base-Ekurhuleni, njengoba elwela isikhundla sobumeya ngaphansi kwe-ActionSA.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *