31 Oct 2026, Sat

Isoka (32) ligwazwe labulawa yintombi yalo ngemuva kokwala intombi

Isoka (32) ligwazwe labulawa yintombi yalo ngemuva kokwala intombi

Kube nesigameko esibuhlungu eMandela Informal Settlement, eKatlehong, kulandela ukubulawa kowesilisa oneminyaka engu-32 ubudala, uKhanyiso Steve Nkomombili, okusolwa ukuthi ugwazwe wabulawa yintombi yakhe.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoLwesihlanu, mhla zingu-23 kuMfumfu.

Ngokwemininingwane evela emndenini kamufi, uSteve ubefuna ukuqeda ubudlelwano bakhe nentombi yakhe, kodwa intombi yakhe kusolwa ukuthi ibifuna imali engu-R30 000 ukuze ivume ukumdedela.

Kubikwa ukuthi isimo sigcine sishubile kwaze kwagcina kushone uSteve kulesi sigameko esishiye umndeni wakhe nabantu abebemazi bekhala izinyembezi.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *