UNOMVALO UVEZE UZANDILE GUMEDE KUMA-LIST AMAKHANSELA ETHEKWINI, UTHI ABANYE BAKHISHWA NGENXA YOKUGULA NGENGQONDO
Owayengunobhala-jikelele weqembu loMkhonto Wesizwe (MK Party), uSibonelo Nomvalo, useveze ukuthi uMama uZandile Gumede nguyena obephethe inqubo yokuhlanganiswa kwama-list abantu ababezongenela izikhundla zamakhansela eThekwini.
UNomvalo uthi komunye wemihlangano okwake kwaba khona, uZandile Gumede watshela ababekhona ukuthi abanye abantu ababethole izikhundla eziphezulu kuma-list, okubalwa nalabo ababebekwe kwinombolo yokuqala, bagcina bekhishiwe ngoba kuthiwa babenenkinga yokugula ngengqondo (mental illness).
Uthi lezi ezinye zezizathu ezavezwa ngesikhathi kuchazwa ngokukhishwa kwabantu abathile kulawa ma-list.
UNomvalo yena uthi akanacala ngalolu daba futhi akukho okumhlanganisa nenqubo yokukhethwa kwamagama abantu ababezongenela izikhundla zamakhansela eThekwini.
Uze waveza nokuthi akanayo ngisho nekhodi yakwa-Independent Electoral Commission (IEC) yokungena ohlelweni olwalusetshenziswa ukufaka nokuphatha amagama abantu abazongenela ukhetho.
Amazwi kaNomvalo abeka obala imibuzo ngokuthi ngubani owayenegunya lokugcina ekuphathweni kwama-list eMK Party eThekwini, nokuthi yiziphi izizathu ezaholela ekutheni abanye abantu ababekhethiwe bagcine bengafakwanga ohlwini.

