31 Oct 2026, Sat

USiya Myeza uthi iMarch and March iphelelwe amandla ngaphandle kukaNgizwe noPhakelumthakathi 

USiya Myeza uthi iMarch and March iphelelwe amandla ngaphandle kukaNgizwe noPhakelumthakathi

USiya Myeza uthi umkhankaso weMarch and March awusenawo umfutho owawunawo phambilini, njengoba sekungekho uNgizwe Mchunu kanye noPhakelumthakathi.

USiya uthi uhulumeni akasamunaki ngokwanele uJacinta Ngobese-Zuma, kanti ngesikhathi uMarch and March usahamba noNgizwe Mchunu noPhakelumthakathi, lo mnyakazo wawubonakala unamandla kakhulu.

Uveze ukuthi ngaleso sikhathi iMarch and March yayihambela izindawo ezahlukene ezweni lonke, okubalwa kuzo iGoli ne-Eastern Cape, futhi yayibonakala isebenza ngamandla.

Ngokusho kukaSiya, kwakubonakala ukuthi abantu bayalufisa ushintsho ezweni, njengoba umkhankaso wawusebenza futhi uthola ukubonakala ezindaweni ezahlukene.

Amazwi akhe aqhamuka ngesikhathi kuqhubeka inkulumo-mpikiswano ngesimo seMarch and March nangendima edlalwa ngabaholi nabantu abebeyingxenye yalo mnyakazo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *