UFloyd Shivambu ukhishwe esikhundleni sokuba ngunobhala-jikelele woMkhonto weSizwe Party.
Iqembu lithole ukuthi ukuvakashela kwakhe owabaleka kuleli uShepard Bushiri eMalawi ngePhasika kuphambene nomthethosisekelo weqembu.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eMhlanga ngoLwesibili, uSihlalo weqembu uNathi Nhleko uthe ngesikhathi uShivambu ezihambela mathupha, ukuvakasha kwakhe bekuphambene nomoya nomthethosisekelo weqembu.
“Ngenxa yokwehlukahlukana kwalolu daba kanye nemithelela yalo, umongameli nezikhulu zikazwelonke bashiywa bengenayo enye indlela ngaphandle kokuthatha isinyathelo ngokushesha ekulungiseni lolu daba. Ngenxa yalokho, njengenhlangano enomthwalo wemfanelo okufanele iphendule kubavoti bayo kanye nomphakathi wonkana.”
UShivambu uthi uyazisola ngokuthi uhambo lwakhe lwaseMalawi luphambana nomthethosisekelo weqembu.
“Ngamukela ngokugcwele njengelungu leQembu loMkhonto weSizwe eliziphethe kahle, sijutshwe kabusha ePhalamende Likazwelonke futhi sizoqhubeka nokudlala indima yokuthuthukisa i-ajenda nohlelo loMkhonto weSizwe.

