UMalema Ugxeka Ukuqokwa KukaDuduzane Zuma NjengePhini Lokuqala Likamongameli WeMK Party
Umholi we-EFF, uJulius Malema, usegxeke ukuqokwa kukaDuduzane Zuma njengePhini Lokuqala Likamongameli weMK Party.
UMalema uthe uDuduzane akakaze ahole ngisho inkulisa (crèche) noma inhlangano yomphakathi, kodwa uqokwe kulesi sikhundla ngenxa yokuthi uyindodana kaJacob Zuma.
“He never led a crèche or society, already daddy makes him First Deputy President of MK Party,” kusho uMalema.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMK Party imemezele ukuthi uDkt. John Hlophe usekhululiwe esikhundleni sokuba yiPhini Lokuqala Likamongameli weqembu, kusukela ngokushesha.
Nokho, uDkt. Hlophe uzoqhubeka nokuba ngumholi weMK Party ePhalamende, kanti uDuduzane Zuma useqokwe ukuthi athathe isikhundla sakhe njengePhini Lokuqala Likamongameli weqembu.
Ukuqokwa kukaDuduzane sekudale ukusabela okuhlukene kwezepolitiki, njengoba abanye besekela lesi sinqumo kanti abanye, okubalwa kubo uJulius Malema, bekugxeka.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #duduzanezuma #JacobZuma #MKParty

